environmentculturehistory

Izaga zesiZulu Nokusebenza Kwazo

From Community Memory

Jump to: navigation, search

Ulimi lwesintu lujulile futhi lunonile ngokusetshenziswa nangokukhulunywa kwalo. Izaga nezisho indlela okukhulunywa ngayo sakutekula ukuchaza kabanzi ngaleyonto okukhulunywa ngayo. Ubungoti bokusebenzisa lendlela yokukhuluma kusukela emlandweni wento noma isenzo esithile. Lendlela okwakukhulunywa ngayo emandulo yakhula kwanda kwasabalala kwaba indlela ejwayelekile neyamukelekile emphakathini. Izaga nezisho zihlukene izigaba eziningana lapho zisetshenziswa khona. Kukhona eziphathelene nobuntu, kungaba indlela ophathe ngayo omunye umuntu. Kungaba usizo oluvezile noma inhlonipho oyivezile kumuntu thizeni. Nazi izibonelo nezincazelo yazo:

Contents

Indlela okuphathwa ngayo kahle abantu

  • Ikhotha eyikhothayo: Lapha kwakuqondiswa enkomeni ekhotha enye. Uma ingayikhothanga, ngeke lena ivele iyikhothe. Kuqhakambiswa ukuthi abantu bayasizana. Uma ukwazile ukusiza omunye umuntu, naye uyokusiza.
  • Imikhombe iyenanana: Lokhu kusho ukuthi kuyasizwana singabantu sakhelene. Umkhombe inyama okwakuthi uma kuhlatshiwe ihleshulelwe lowo ongumngani noma umakhelwane ukuba aphiwe ukuze naye adle nomndeni wakhe. Leso sipho kwakuthiwa umkhombe kususelwa esitsheni esasiphatha izipho. Uma ungisiza namhlanje, kusasa yimina engizobe ngikusiza usuxakekile.
  • Izandla ziyagezana: Kuyabanjiswana esintwini uma singabantu. Ayikho into engalunga kahle uma wenza izinto wedwa, uyabadinga abantu nosizo lwabo.

Ezisho ukuziphatha kabi

Lezi ziveza indlela abantu abaziphatha kabi ngayo noma ukungahloniphi.

  • Ikhiwane elihle ligcwala izibungu: Lokhu kuveza ubuhle nokuheha kwesithelo ingaphandle laso noma uma usibukela kude. Uze uconse amathe ufise ukusidla leso sithelo indlela esibukeka sivuthwe kahle ngayo sisihle ingaphandle laso. Uyothi lapho usikha, lapho nje uthi uyasiluma kanti phakathi sibolile sigcwele izibungu. Ubuhle nokuhaleleka kwaso ngeke kusasho lutho emva kwalokho .
  • Usenga inkomo nenkonyane: Lokhu kuveza indlela abantu abeyisa ngayo athi umuntu ethandana nowesifazane aze adlulele nasekujoleni nengane yalowo athandana naye. Indlela eveza ukungahloniphi nokuziphatha kabi kwabantu.

Eziveza ukuziqhenya kwabantu:

  • Usifumbu ubona uqhaqhazela: Umunti kulula ukubona nokukhuluma ngezici zabanye akhohlwe ukuthi naye unesakhe. Usifumbu umuntu oneqolo eligobile lakhukhumala noma lafutheka laba isifumbu. Uqhaqhazela umuntu onomzimba ohlale uqhaqhazela untekenteke.
  • Iqaqa alizizwa ukunuka: Umuntu akaziboni isici noma ububi anabo kepha ave eshesha ukubona amaphutha abanye abantu. Iqaqa inyamazane noma isilwane esinukayo nephunga laso lingabekezeleleki.

Eziveza inkani

  • Isala kutshelwa sibona ngomopho: Umuntu onenkani nongakhuzeki uma etshelwa uyaye adedelwe enze lokho afisa ukukwenza aze abone ngengozi elinyazwa ilento abekhuzwa kuyo. Uma usizwa, uxwayiswa ngento wena uqinisa ikhanda, bayakhuluma abadala uma usushayekile besho lesisaga ukuthi inkani iyabulal.
  • Ababuyisi baphambili: Uma kuthiwa ungayi endaweni uphikelele wena uye ngenkani phambili, lapho ukhuzwa ukuthi ungayi khona, uyobuya ngesamagundane ungasafisi lapho ubuya khona.
  • Hamba juba bayokuchutha phambili: Uma ungakhuzeki noma utshelwa ngento ungalaleli, uyobuya usuqondile usukhahlamezekile ngenxa yokuhlupheka nokuswela usushayekile.

Lena indlela nje kweziningi eziqhakambisa ukunotha kolimi lwesiZulu nobumnandi bokunemba ngazo lezizaga uma ukhuluma.


By: Mbusiswa Zuma